BA Hons (Ukusebenza ngokufunda Ngezilimi)

Home » Faculties of Humanities » School of Languages » Languages, Cultural Studies and Applied Linguistics (LanCSAL) » Linguistics Unit » Linguistics » IsiZulu » Imisebenzi » BA Hons (Ukusebenza ngokufunda Ngezilimi)

Izidingo zokwamukelwa: Uhlelo luka-BA noma iziqu ezilingana nokucwaninga Ngezilimi na/noma iThiyori yeMibhalo, nolimi olulodwa okungenani noma ubuchwepheshe obufanele kweZokuxhumana ezingeni lonyaka wesithathu. Abafundi abafundela ukuba izingcweti kwezokuguqulela nokuhlelwa kwemibhalo kufanele babe bephumelele (a) okungenani kolunye ulimi ezingeni lonyaka wesibili (b) nokuhlolwa eSigabeni kukuguqulela nokuhlela imibhalo.

Isikhathi Sohlelo: Unyaka owo-1 (ufunda ngokugcwele) noma iminyaka emi-2 (ufunda ngokungagcwele)

Izindleko (2014): Phakathi kuma-R23 000 ukuya kuma-R28 000 ngonyaka

Ongathintwa: Slz AM Beukes / Ucingo: 011 559 2694 / i-imeyili: ambeukes@uj.ac.za​

Ukuchazwa kafuphi kohlelo: Uhlelo lwabaneziqu ezingaphezulu Ekusebenzeni Ngokufunda Ngeizilimi luhlose imfundo ekhethekile, ukuqeqeshwa nezidingo zokucwaninga kulabo abasebenza ngezilimi abanjengabaguquleli, abahumushi, abahlela imibhalo, abahlela ngezilimi, ababhala ngokuthathela kokunye nothisha bezilimi.

Ukuguqulela nokuHumusha izinqubo eziphitheneyo zokufunda ngezilimi, izinqubo zokuqonda nokusebenza ngemibhalo, okubuye kufake nokulamula phakathi kwenhlalakahle namasiko. Njengoba sesinikezwe ukuphithana kwale misebenzi nesimo sezifundo ezihlanganisiwe zokusebenza ngezilimi, lezi zinhlelo zinikeza ukulingana kolwazi namakhono ethiyori, awokusebenza nawokwazi ngosekwenziwe.

Kulesi sifundo, abafundi badinga ukufunda baqede izifundo ezinhlanu ezingakhethwa ngale ndlela engezansi (Qaphela ukuthi isifundo se-Eseyi Yokucwaninga siyimpoqo (LIN8X01)

i-Eseyi Yokucwaninga

LIN8X01

HEQF izinga: 8

NQF amakhredithi: 40

IThiyori Yemibhalo Nokusetshenziswa

LIN8X02

HEQF izinga: 8

NQF amakhredithi: 20

Ukusebenza Ngezilimi

LIN8X03

HEQF izinga: 8

NQF amakhredithi: 20

Ukuhlela Ngezilimi, Ukuzisebenzisa Nokuzihlolisisa

LIN8X04

HEQF izinga: 8

NQF amakhredithi: 20

Amathiyori Okufunda Ngezilimi Nokuzisebenzisa

LIN8X05

HEQF izinga: 8

NQF amakhredithi: 20

Ithiyori Yokuguqulela, Ukuhlolisisa Nomlando

LIN8X06

HEQF izinga: 8

NQF amakhredithi: 20

Ukuhumusha

LIN8X07

HEQF izinga: 8

NQF amakhredithi: 20

Ukuguqulelwa Kwemibhalo Nokuyihlolisisa

LIN8X08

HEQF izinga: 8

NQF amakhredithi: 20

Ubuliminingi Ekuqeqesheni Nasemfundweni

LIN8X09

HEQF izinga: 8

NQF amakhredithi: 20

I-Eseyi Yokucwaninga (LIN8X01)

Inhloso yalesi sifundo ukufundisa abafundi ngamakhono adingekayo:

· Ukukhetha isihloko socwaningo.

· Ukucwaninga kokuqala ngesihloko.

· Ukuchaza isihloko: Ukubuza umbuzo/inkinga yocwaningo

· Ukunquma indlela ezosetshenziswa, nokuveza izinhloso zocwaningo.

· Ukucacisa kahle uhlaka locwaningo.

· Ukwenzela isigaba ngasinye uhlu lokufunda

· Ukubeka kahle iziphakamiso zocwaningo.

Ekupheleni kwalesi sifundo abafundi bazokwazi:

· Ukukhetha isihloko socwaningo

· Ukwenza ucwaningo okokuqala ngesihloko.

· Ukuchaza isihloko nokubuza umbuzo/inkinga yocwaningo.

· Ukunquma indlela efanele yokucwaninga ngesihloko.

· Ukuveza izinhloso zocwaningo.

· Ukucacisa kahle uhlaka locwaningo.

· Ukwenza uhlu lwezincwadi ezisetshenzisiwe.

· Ukubeka kahle iziphakamiso zocwaningo.

· Ukubhala umbiko okhombisa izinsiza esisetshenzisiwe ngokugcwele

Indlela yokubala: Isisindo samamaki ngesikhathi esiphelele 100%

Uhlobo Lwethiyori Nokusetshenziswa (LIN8X02)

Inhloso yalesi sifundo ukwejwayeza abafundi ngethiyori yezinhlobo zemibhalo, ukuthi ingahlaziywa kanjani nezindlela zokuyihlaziya.

Uma sesiqediwe lesi sifundo abafundi bazokwazi:

· Ukunikeza incazelo yesisekelo sokucwaninga ngezilimi kuthiyori yezinhlobo zemibhalo;

· Ukusebenzisa amagama afanele olimi lwethiyori yezinhlobo zemibhalo.

· Ukuhlaziya izinhlobo zemibhalo yobuchwepheshe bomsebenzi neyemfundo.

Indlela yokubala:

· Ubuncane bamamaki esikhathi esiphelele sokungena ekuhlolweni – 40%

· Isisindo samamaki esikhathi esigcwele – 50%

· Isisindo samamaki okuhlolwa – 50%

Ukusebenza Ngezilimi (LIN8X03)

Inhloso yalesi sifundo ukwejwayeza abafundi ngezindlela ezithuthukile, izinqubo nezindaba ezimayelana nokusetshenziswa kwemibhalo ezimweni ezahlukene kufaka nokuguqulela okuvamile nokukhethekile nokuhlelwa kwemibhalo (isib. Ukuguqulela kwezezimali, kwezomthetho, okukhombisa amakhono) ukulungisa umbhalo uhambelane nolimi oluhlosiwe, ukwetha nokwenza izihlokwana.

Ekupheleni kwalesi sifundo abafundi bazokwazi:

· Ukusebenzisa izindlela ezifanele zokuguqulela na/noma ukuhlelwa kwemibhalo nokulungisa umbhalo uhambelane nolimi oluhlosiwe.

· Ukusebenzisa ulimi olufanele lokuguqulela na/noma lokuhlelwa kwemibhalo.

· Ukukhiqiza izinhlobo zemibhalo eguqulelwe na/noma ehleliwe noma elungiswe ukuhambelana nolimi oluhlosiwe

Indlela yokubala:

· Ubuncane bamamaki esikhathi esiphelele sokungena ekuhlolweni – 40%

· Isisindo samamaki esikhathi esigcwele – 50%

· Isisindo samamaki okuhlolwa – 50%

Ukuhlela Izilimi, Ukuzisebenzisa Nokuzihlolisisa (LIN8X04)

Inqubomgomo yolimi nokuhlela ulimi yindawo yocwaningo emkhakheni Wokufunda Ngezilimi Ngokwenhlalakahle okugxile endimeni yolimi kwezenhlalakahle. Inhloso yalesi sifundo ukwejwayeza abafundi ngemiphumela yezombusazwe, yezomnotho nezakhiwo zomphakathi nezinqubo nemicabango emayelana nezilimi kunqubomgomo yolimi nokusebenza kwayo.

Ekupheleni kwalesi sifundo abafundi bazokwazi:

· Ukukhombisa ukuqondisisa izisekelo zokuhlelwa kolimi

· Ukukhombisa ukuqondisisa imiqondo yethiyori esemqoka kunqubomgomo yolimi nokuhlela.

· Ukuxoxisana ngocwaningo lwamanje kunqubomgomo yolimi nokuhlela.

· Ukukhombisa ukuqondisisa izindawo zezihloko ezisemqoka zocwaningo kunqubomgomo yolimi nokuhlela.

Indlela yokubala:

· Ubuncane bamamaki esikhathi esiphelele sokungena ekuhlolweni – 40%

· Isisindo samamaki esikhathi esigcwele – 50%

· Isisindo samamaki okuhlolwa – 50%

Amathiyori Okufunda Ngezilimi Nokusetshenziswa (LIN8X05)

Inhloso yalesi sifundo ukwejwayeza abafundi ngezinye zezifundo ezibalulekile zethiyori yokufunda ngezilimi njengoKufunda Ngezilimi Ngokwengqondo noma ukufunda ngezilimi ngokomcabango

Ekupheleni kwalesi sifundo abafundi bazokwazi:

· Ukubona amagatsha ahlukene okucwaninga ngezilimi nokwazi ukuwahlobanisa.

· Ukukhombisa ukuqonda imikhakha eyehlukene Yokufunda Ngezilimi Ngokwenhlalakahle, ukufunda ngezilimi ngokuhlolisisayo ngokweSayensi, ukufunda ngezilimi ngezifundo zobuntu, ukufunda ngezilimi kwezemibhalo nokufunda ngezilimi kwezemfundo.

· Ukuhlobanisa amagatsha ahlukene emkhakheni othize okhethekile, okuthiwa izifundo zokuguqulela, ukuhlela, ukucwaninga kuthiyori yemibhalo noma ukuzuza ulimi lwesibili.

· Ukukhombisa ukusetshenziswa kokungenani amagatsha amabili emkhakheni okhethekile.

Indlela yokubala:

· Ubuncane bamamaki esikhathi esiphelele sokungena ekuhlolweni – 40%

· Isisindo samamaki esikhathi esigcwele – 50%

· Isisindo samamaki okuhlolwa – 50%

Ithiyori Yokuguqulela, Ukuhlolisisa Nomlando (LIN8X06)

Inhloso yalesi sifundo ukwejwayeza abafundi ngomlando nethiyori yokuguqulela kanye nokuguqulela okuhlolisisayo njengoba kuhambelana nezindlela ezifanele nezinqubo ekusebenzeni ngokuguqulela, nocwaningo lwemibhalo efaneleyo ukweseka ithiyori yokuguqulela umlando nokuhlolisisa

Ekupheleni kwalesi sifundo abafundi bazokwazi:

· Isizathu esingqubuzana nesizinda samasiko nomlando walezi zifundo, kubhekiswa kwabadlala indima eqavile.

· Ukuqonda izindaba ezisemqoka zethiyori okungukuthi lezi zinqubo nezifundo zibhekise kuzo.

· Ukusebenzisa amagama asemqoka, imiqondo nezisetshenziswa zokuhlaziya eziletha impikiswano ezinqubweni nasezifundweni

· Ukusebenzisa okungenhla ezingxoxweni ezibucayi zezindaba ezihambisanayo

· Ukusebenzisa okungenhla emisebenzini efanele ngaphandle komkhakha wezifundo zemibhalo

Indlela yokubala:

· Ubuncane bamamaki esikhathi esiphelele sokungena ekuhlolweni – 40%

· Isisindo samamaki esikhathi esigcwele – 50%

· Isisindo samamaki okuhlolwa – 50%

Ukuhumusha (LIN8X07)

Inhloso yalesi sifundo ukwejwayeza abafundi ngethiyori nokusebenza ngokuhumusha, izindlela nezinqubo ezinhle ekusebenziseni izindlela zokuhumusha nocwaningo lwemibhalo efanele ukweseka ukuhumusha.

Ekupheleni kwalesi sifundo abafundi bazokwazi:

· Ukuhlukanisa phakathi kwezinhlobo zokuhumusha, okungukuhumusha okungokuhlanganayo nokwenkomfa noma okwenzeka kanye kanye

· Ukuhlukanisa phakathi kwezinhlobo ezahlukene zokuhumusha, okungukuhumusha ngasikhathi sinye nangokulandelana

· Ukubika emkhakheni wokusetshenziswa kokuhumusha kobugxebe okwenzeka ezikhungweni zezempilo

· Umbiko oqhathanisayo esimweni sokuhumusha kobugxebe eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe.

· Ukuqonda ukusebenza kokuhumusha

· Ukukhombisa ukuqonda isimo sokuhumusha kwasenkantolo

· Ukubika ngezimpawu zemizwa yokuhumusha kanye kanye

· Ukusebenzisa imihlahlandlela ukwenza ukuhumusha kanye kanye kube yimpumelelo

Indlela yokubala:

· Ubuncane bamamaki esikhathi esiphelele sokungena ekuhlolweni – 40%

· Isisindo samamaki esikhathi esigcwele – 50%

· Isisindo samamaki okuhlolwa – 50%

Ukuguqulelwa Kwemibhalo Nokuhlolisisa (LIN8X08)

Inhloso yalesi sifundo ukwejwayeza abafundi ngethiyori yokuguqulelwa kwemibhalo kanye nokuhlolwa kokuguqulela noma ukuhlolisisa okumayelana nezindlela nezinqubo ezifanele emsebenzini wokuguqulela imibhalo nokucwaninga imibhalo efanele ukweseka ithiyori yokuguqulela noma umlando nokuhlolisisa njengokumayelana nomkhakha wokuguqulela imibhalo.

Ekupheleni kwalesi sifundo abafundi bazokwazi:

· Isizathu esingqubuzana nesizinda samasiko nomlando walezi zifundo, kubhekiswa kwabadlala indima eqavile.

· Ukuqonda izindaba ezisemqoka zethiyori okungukuthi lezi zinqubo nezifundo zibhekise kuzo.

· Ukusebenzisa amagama asemqoka, imiqondo nezisetshenziswa zokuhlaziya eziletha impikiswano kulezi zinqubo nezifundo

· Ukusebenzisa okungenhla ezingxoxweni ezibucayi zezindaba ezihambisayo

· Ukusebenzisa okungenhla ezingxoxweni ezibucayi zemisebenzi ehambisanayo ngaphandle komkhakha wezifundo zokuguqulela imibhalo.

Indlela yokubala:

· Ubuncane bamamaki esikhathi esiphelele sokungena ekuhlolweni – 40%

· Isisindo samamaki esikhathi esigcwele – 50%

· Isisindo samamaki okuhlolwa – 50%

Ubuliminingi Ekuqeqesheni Nasemfundweni (LIN8X09)

Inhloso yalesi sifundo ukwejwayeza abafundi ngezindaba ezibanzi zomphakathi mayelana nobuliminingi emkhakheni Wokusebenza Ngokufunda Ngezilimi njengomkhakha odinga ukuhlolisiswa kubhekwe kakhulu ekusetshenzisweni kolimi kubuliminingi eklasini nasezimweni zokuqeqeshwa ngokwehlukahlukana kwabafundi namaqembu asetshenziswayo.

Ekupheleni kwalesi sifundo abafundi bazokwazi:

· Isizathu esingqubuzana nesizinda samasiko nomlando wokusebenza ngokufunda ngezilimi, njengomkhakha odinga ukuhlolisiswa kubhekiswa kwabadlala indima ebalulekileyo.

· Ukuqonda izindaba ezisemqoka zethiyori emkhakheni wokusebenza ngokufunda Ngezilimi ngokubhekisa kakhulu ekusetshenzisweni kolimi esizindeni sobuliminingi somfundi.

· Ukusebenzisa amagama asemqoka, imiqondo nezisetshenziswa zokuhlaziya eziletha impikiswano ezinqubweni ezihambisanayo

· Ukusebenzisa okungenhla ezingxoxweni ezibucayi zezindaba ezihambisanayo engqikithini yaseNingizimu Afrika

· Ukusebenzisa okungenhla emisebenzini efanele emkhakheni wokusebenza ngokufunda Ngezilimi

Indlela yokubala:

· Ubuncane bamamaki esikhathi esiphelele sokungena ekuhlolweni – 40%

· Isisindo samamaki esikhathi esigcwele – 50%

· Isisindo samamaki okuhlolwa – 50%