Ukusebenza Ngezilimi3A & B
Home » Faculties of Humanities » School of Languages » Languages, Cultural Studies and Applied Linguistics (LanCSAL) » Linguistics Unit » Linguistics » IsiZulu » Imisebenzi »Abasebenza ngezilimi benza imisebenzi ehlukene emayelana nezilimi ukusuka ekuhleleni umbhalo, ukuhumusha nokutolika, ukwakhiwa kwamagama nokubhalwa kwezichazamazwi. Isifundo, Ukusebenza Ngezilimi 3 sihlose ukukuhlinzekela ngemihlahlandlela yomsebenzi ebalulekile namakhono okusebenza kuyo yonke imikhakha esibaliwe ngenhla. Umsebenzi oyingxenye yalesi sifundo wakhela futhi wengeze kwizisetshenziswa eziyisisekelo zokusebenza ngezilimi ezizuzwe esifundweni: Ukusebenza Ngezilimi 2, esiyingxenye ebalulekile edingekayo ngaphambi kokuya esifundweni esilandelayo, Ukusebenza Ngezilimi 3. Imisebenzi yaseklasini iphathelene nohlobo lonke kanti ingasetshenziswa ekuhlanganeni okwahlukene kwezilimi; lapho kungenzeka khona, abafundi bakhuthazwa ukuqedela umsebenzi owenziwayo ngokuhlanganisa izilimi ngokuthanda kwabo.