Esifundweni sokufunda Ngezilimi 3 uzokwethulelwa ithiyori nokwenza umsebenzi wokuguqulela, ukuhumusha nokuhlela imibhalo. Ezingxenyeni zokuguqulela nokuhumusha uzothola ulwazi ngezindlela ezisemqoka zezifundo zokuguqulela nokuhumusha, kanti engxenyeni yokuhlelwa kwemibhalo khona uzogxila emngceleni phakathi kombhalo wokufunda ngezilimi nokuhlelwa kwemibhalo. Njengoba umsebenzi wezichazamazwi nokwakhiwa kwamagama udlala indima enkulu emsebenzini wansuku zonke zalowo osebenza ngezilimi, sizobuye sibheke imithetho eyisisekelo yokwakhiwa kwezichazamazwi namagama. Ngaphandle kwalezi zindlela zethiyori nokwenza imisebenzi yokuguqulela, yokuhumusha nokuhlela imibhalo, uzobuye ufunde amakhono okusebenza imibhalo ngendlela ye-elekhthroniki nohlelo lwekhompyutha lokuguqulela. Sizobuye sikujwayeze ngezimpawu ezehlukene zokuguqulela, zokuhumusha nokuhlela imibhalo njengomsebenzi wobuchwepheshe. ​

Uphawu lwesifundo sethu Sokufunda Ngezilimi 3 uhlelo lwethu lokuqeqeshela umsebenzi. Ngesikhathi sekhefu sasebusika, uzothola ukusebenza okuzokunika ulwazi emikhakheni yokuguqulela, ukuhumusha nokuhlela imibhalo. Ungakhetha umkhakha ofuna ukuba wungcweti kuwona: ukuguqulela noma ukuhlela uimibhalo noma ukuhumusha enkantolo. Uma ukhetha ukuguqulela nokuhlela imibhalo uzosebenza emahhovisi ezilimi. Uma ukhetha ukuhumusha enkantolo uzobekwa enkantolo esesigcemeni saseGoli. Kukho kokubili, uzobhekwa abaguquleli abaqeqeshekile, abahleli bemibhalo kanye nabahumushi basenkantolo. Ukuqeda kahle lokhu kuqeqeshelwa umsebenzi kuzokunikeza igama elihle nezincomo ongazifaka kumlando-mpilo wakho uma usufaka isicelo somsebenzi ngemva kokuthola iziqu: umbiko ngokusebenza kwakho, isitifiketi sokubakhona nephothifoliyo yomsebenzi owenzile gesikhathi sokuqeqeshwa.