Imikhakha esemqoka emibili esifundweni sokufunda ngezilimi ibhekwa onyakeni wesibili wokufunda ngezilimi: Ukufunda ngezilimi kwenhlalakahle kufundwa engxenyeni yokuqala yonyaka kanti ukufunda ngezilimi kwengqondo khona kubhekwa engxenyeni yesibili yonyaka. Ukufunda ngezilimi kwenhlalakahle isifundo sokucwaninga ngezilimi ezihlola ubudlelwane phakathi kolimi nomphakathi.

Ukufunda ngezilimi kwenhlalakahle kuhlola izindlela ulimi olusebenza ngazo ezingqikithini ezithize nangendlela izinhlangano zomphakathi ezinethonya ngayo ngokuthi balusebenzisa kanjani abantu ulimi. Ngokungqubuzana nobuzwe bomphakathi oziliminingi nomasikoningi waseNingizimu Afrika, lesi sifundo sihlose ukukuhehela emngceleni wokuhlukanisa phakathi kolimi, umphakathi namasiko nangendlela izilimi ezixhumana ngayo ngokwehlukahlukana kwazo, ngendlela ezihlangana ngayo, ezihlukana ngayo nokubona abantu njengamalungu amaqembu athize, isib. Amasiko, ubulili, ubuhlanga, inkolo, amaqembu ezifunda nakazwelonke.

Ukufunda Ngezilimi ngokwengqondo umkhakhana wokufunda ngezilimi ohlose ukuhlola imithetho yezengqondo eyenza ukuthi abantu bakwazi ukuqonda, ukukhiqiza, bafunde futhi bakhumbule ulimi. Lesi sifundo sihlose ukukwethulela izindlela ezahlukene Zokufunda Ngezilimi ngokwengqondo, ukusuka kubudlelwane obuphakathi kolimi nobuchopho, kugxilwe kukokubili ukusetshenziswa kolimi okonakele kanye nokujwayelekile kanye namaphuzu asemqoka ekukhiqizweni nasekuqondeni ulimi olukhulunywayo nolubhalwayo.

Kuso sonke lesi sifundo, uzohehelwa kakhulu ekusebenzeni kwengqondo namasu amayelana nokuguqulela, ukuhlelwa kwemibhalo kanye nokuhumusha; konke lokhu kungumsebenzi onzima kakhulu wokusiza ngemisebenzi yolimi edlala indima ebalulekile eNingizimu Afrika eziliminingi nemasikoningi okubamba iqhaza elikhulu ekusebenziseni izilimi.