Ukusebenza Ngezilimi 1 kukuqwashisa ngamandla nomphumela wesinye sezisisetshenziswa esibaluleke kakhulu emphakathini: ulimi. Luzokuhlomisa ukuthi uqaphele ngezindaba zolimi namasiko engqikithini yomsebenzi wobuchwepheshe njengokuguqulela, ukuhumusha nokuhlela imibhalo kanye nasemkhakheni wokuxhumana ngezindlela zekhompyutha.

Isifundo sihlukaniswe kabili: engxenyeni yokuqala yonyaka, uzokwethulelwa ithiyori yolimi nokuqwashiswa ngemibhalo emikhakheni yemisebenzi yobuchwepheshe ekhethekile kanye nokuqwashiswa ngamakhono adingekayo ukwazi, ukuqonda nokukhiqhiza izinhlobo ezithize zemibhalo. Lapha, uzohlolisisa izihloko ezifana nokuthi zisebenza futhi zisetshenziswa kanjani izilimi ukucwaswa ngolimi nezimpawu zokungasebenzi kahle ngolimi nokubona amasu okufunda nokwamukela jikelele.

Engxenyeni yesibili yonyaka, Ukusebenza Ngezilimi 1 kubheka ukukwejwayeza ukuxhumana phakathi kolimi namasiko nemiphumela yezakhiwo zamasiko nezenhlalakahle nezinqubo kwezokuxhumana kuzo zonke izinhlanga. Ngaphezu kwalokho, uzohlonyiswa nangamakhono afanele ukubhekana nezidingo zalokhu kuxhumana. Emphakathini oziliminingi nomasikoningi njengowethu, isifundo sihlinzeka ngesisekelo esibalulekile kuchwepheshe wezilimi. ​