Inhloso yesifundo sokusebenza ngezilimi 2 ukukwethulela amakhono abaluleke kakhulu ukuze ukwazi ukusebenza endaweni yezilimi. Lokhu kufaka nokukuvezela isimo sempela sokusebenza ngezilimi nokukufundisa amakhono namasu omsebenzi okusebenza ngezilimi.

Ingxenye yokuqala yonyaka ikwethulela amacala ehlukehlukene omhlaba lapho abasebenza ngezilimi besebenza khona ngemisebenzi nezindima ezahlukehlukene okufanele zidlalwe yilowo osebenza ngezilimi. Ekoteni lokuqala, kugxilwa kokuvamile ikakhulu izisetshenziswa namakhono e-elekthroniki ozowadinga njengomuntu osebenza ngezilimi. Ekoteni lesibili, sibheka kakhulu ukuhlelwa kombhalo kanye nezisetshenziswa ezidingekayo esikhwameni somhleli wemibhalo. Ngale ndlela uzokwazi ngobudlelwane obuyisixakaxaka obukhona phakathi kolwazi, amakhono nezisetshenziswa (ze-elekhthroniki).

Engxenyeni yesibili yonyaka, wethulelwa izindlela zokusebenza ngokuguqulela nangokuhumusha. Umkhakha wokuguqulela ubhekene nokuguqulela imibhalo ngenhloso ethize kufaka kanye nokwethulwa kokuguqulelwa kwemibhalo evamile kusetshenziswa amasu okuguqulela nokufunda ukusebenza ngezisetshenziswa zokuguqulela ezisekhompyutheni. Umkhakha wokuhumusha wona ubhekana nokuhumusha emphakathini. Lapha wethulelwa indlela yokuhumusha kugxilwe ezihlokweni ezifana nokuhumusha enkantolo, ezikhungweni zempilo, izimiso zenkambiso elungile yokuhumusha, ukuguqulela okufundwayo kanye nokwethulwa kokuhumusha ngokulandelana eduze. ​