Ukufunda ngezilimi kubandakanya esinye sezifundo esiyisisekelo esibalulekile sakho konke ukuxhumana kwabantu: ulimi. Lesi sifundo sikwethulela izinqubo ezahlukehlukene ngokufunda ngolimi lwabantu, singafaki kuphela izimpawu zolimi okuyimisindo, amagama, izakhiwo nezincazelo kodwa nemibuzo efana nokuthi izindlela zokubhala zaqala kanjani, izingane zilufunda kanjani ulimi nokuthi kungani imiphakathi eyahlukene isebenzisa izilimi ezahlukene. ​

Ukufunda ngezilimi kunaka nokufundwa kolimi njengoba uzofunda ukusebenzisa imithetho yokufunda ulimi hhayi olwesiNgisi kuphela kodwa noma yiluphi ulimi osulukhuluma vele noma osafunda ukulukhuluma. Isifundo sikusiza ukuthi uthande ngempela indlela ulimi olusebenza ngayo ngakho-ke sakha isisekelo esibalulekile sokuqhubeka uqeqeshwe emsebenzini omkhulu wezilimi, okufaka ukuhlelwa kwemibhalo, ukuguqulela nokuhumusha; kuyasiza nakweminye imisebenzi lapho ulimi ludlala khona indima ebalulekile njengokufundisa, ukushicilela, ubuntatheli nokukhangisa.