Skip Navigation LinksUmtoliki Umtoliki

Umtoliki



Ukutolika kuthathwa njengomsebenzi wokuhumusha njengendlela ekhethekile yokuhumusha. Ukutolika kungahlukaniswa ngokucacile neminye imisebenzi yokuhumusha ngokwenzeka kwakho ngokufingqiwe nangokwenzeka manje: ngokomthetho ukutolika kwenziwa 'lapha khona manje' ukusiza abantu abafuna ukuxhumana ngengxoxo ngale kwemingcele yolimi namasiko.  Indlela evamile yokwehlukanisa ukutolika nokuhumusha ukuthi ukutolika okukhishwa ngomlomo noma izimpawu ezisho okukhulunywayo noma ulimi lwezimpawu (kucashunwe ku-Pöchhacker kwabuye kwafaneliselwa).

Amaphrofayili Abatoliki Abangochwepheshe:

UMangope Motaung:

“Ngihlanganyele noMnyango weZobulungiswa ngoNhlolanja 1990 njengomtoliki othuke avele waseNkantolo yeMantshi yaseGoli ngase ngiqashwa ngokugcwele ngomhla woku-1 kuLwezi 1990. 

Ngidabuka eNingizimu ne-Free State eFauresmith lapho ngazalelwa khona ngomhla wesi-5 kuMfumfu 1966 ngaphothula izifundo zami zesikole kade ngenxa yezimo ezithile. Ngangena ngingahlosile kulesi sigaba ngoba ngenkathi ngiza eGoli ngangingaphumelele kuMatikuletsheni  ngowe-1989, ngakho-ke ngeza ngizoba odayisela inkampani ethize eyayise-Brixton.

Ngatshelwa yindodakazi yalo mndeni engafikela kuwona lapha eGoli uNkz Green owayeyiphoyisa lomgwaqo ukuthi eNkantolo yeMantshi yaseGoli bafuna abantu abasaziyo isiBhunu.

Zine kuphela izilimi engizazi kahle yisiNgisi, isiBhunu, iSetswana neSesotho. IsiBhunu sona sicishe ulimi lwami lokuqala ekhaya.

Ngiphothule izifundo zami zikaMatikuletsheni eSikhungweni Semfundo Yabadala e-Denver ngowe-1993/4 kanti ngowezi-2004 ngazuza isehlakalo esibalulekile empilweni ngathola iziqu zeDiploma Yokutolika ngokoMthetho eNyuvesi yase-North West kanti izifundo zami zazikhokhelwa uMnyango Wezobulungiswa ngakho ngiyabonga ngalokho abangenzela khona kodwa ngisenesifiso sokuqhubela phambili izifundo zami kuwo lo mkhakha.

Ngiye ngakhuphuka ngamazinga emsebenzini wami ngaze ngabekwa njengeNhloko Yabatoliki baseNkantolo ngowezi-2008 esifundeni sase-Evander (Enkantolo kaMantshi) esifundazweni iMpumalanga. Ngibuyele eGoli ngowezi-2010 kuso leso sikhundla kanti ngoMfumfu 2011 ngiye ngakhethwa njengoMphathi kuPhrojekthi Esavivinywa yabatoliki baseNkantolo Yezilimi Zakwamanye amazwe eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngasihambisa kahle kakhulu isifunda. Ngomhla woku-1 kuNcwaba 2012 ngabekwa njengomhloli wemisebenzi yezilimi wesifunda saseGauteng ukuphatha umsebenzi kodwa ngomhla woku-1 kuMbasa 2013 ngamukiswa eNkantolo KaMantshi eGoli ukuba uMphathi Wesifunda Emisebenzini Yezilimi ngoba ikhono lami likhona lapho.

Ukuba umsebenzi wezilimi umsebenzi omnandi kodwa nje akukho nhlangano elawula lo mkhakha”.

________________________

U-Marne Pienaar: 

“Ngiqale ngafundela iziqu ze-BA Izilimi (isiNgisi, isiBhunu nesiDashi, isiJalimane nesiNtaliyana). Emva kwalokho ngenza iziqu ze-honours yesiBhunu ngigxile esifundweni sezilimi ngabe sengenza iziqu ze-master’s Emlandweni Wamasiko neziqu ze-master’s esiBhunwini. Ngemva kwalokho ngazuza iziqu ze-DLitt et Phil ngesiBhunu. Noma bengikade ngilandela umsebenzi wokufundisa bengisolokhu ngithanda ukuhumusha nokusebenza esigabeni sakuqala sezilimi nethiyori yemibhalo e-RAU (manje osekuyisigaba sezilimi sase-UJ) esingifake komkhulu lo umsebenzi.

Yize bengihumusha ngihlela nemibhalo ngokuthuka kwenzeka iminyaka eyevile ema-20, ebelokhu ngikuthanda kakhulu ukutolika ngasikhathi sinye. Ngaba nenhlanhla yokunikezwa ithuba lokusebenza ngengomtoliki ngasikhathi sinye kusishayamthetho saseGauteng, okwaholela ekugunyazweni kwami njengomtoliki ngasikhathi sinye osemthethweni (wesiNgisi-nesiBhunu/isiBhunu nesiNgisi) yi-SATI. Emva kwalokho ngaqala ngaqeqesha abatoliki kwezinye izishayamthetho nasenyuvesi. Ngiyazigqaja ngabanye ababengabafundi bami engikholwa ukuthi bangabatoliki abaseqophelweni eliphezulu namhlanje. Ukuthanda kwami ukutolika kuholele kwamaningi amaphepha nezincwadi engazishicilela.

Ukutolika ngasikhathi sinye kukuhlanganisa nezindawo nabantu obungacabanganga ukubavakashela (ngingakhohlwa nje ukuthi ngake ngadansa kangakanani phakathi eBela-Bela nezinkulungwane zabesifazane basemaphandleni ngehora lesibili ekuseni?). Ulwazi lomuntu luyakhula impela (uma umuntu engazi ukuthi lokhu ‘bek-en-klou-seer’ noma ‘vrotpootjie’ kushoni ngesiNgisi, manje isikhathi sokufunda). Ukutolika ngasikhathi sinye kunzima kakhulu ekuqaleni, kodwa kufana nokugibela ibhayisikili uma usufunde indlela yokuligibela, kuba mnandi. Kuyashesha, kuyimanje, uma sekuphelile, kuphelile, kanti umvuzo wona muhle.’